Umphumela walomthetho sivivinywa kuzoba ukuqiniseka ukuthi uHulumeni wesifunda uzobanakho ukuqhubekisa inqubo yezinguquko eqale ngo 1994. Amasevisi abalulekile ka Hulumeni awakafinyeleli ezingeni elilinganayo ekusetshenzisweni kwemithombo, kungakho-ke injongo yonyaka ka 1997/98 yesabelo sezimali kungukuqhubeka nokuqalisa ngamaphrogramu azoqeda lokungalingani kwamazinga.
Ukwamukelwa kwalomthetho sivivinywa kuzonikeza uHulumeni wesifunda imvume yokusebenzisa amaphesenti angu 14 ngaphezu kwesabelo sezimali sango 1996/97. Ukubaluleka kwemali engezelelwe ibonakala ezindlekweni zemikhakha emithathu emikhulu (EzeMfundo, ezeMpilo, nezeNhlalakahle) ezithatha u 88,02 wamaphesenti wesabelo sesifunda sisonke.
Isabelo sezimali sinamavoti angu 15 asuka ku 16 onyakeni ka 1996/97 ngenxa yokuhlanganiswa kwevoti 1 (Undunankulu) nevoti 4 (amaSevisi weCorporate) ukwenza ivoti eyodwa, amaSevisi weCorporate.
Isilinganiso seZenhlalakahle sikhuphuke ngo R555 wamamiliyoni (3,38%) kusuka ku R1,788 wamabhiliyoni ukuya ku R2,343 wamabhiliyoni. Izinselele ezibhekene nolomkhakha ngonyaka wezimali ka 1997/98 zinkulu kakhulu. Lokhukukhushulwa kwesabelo sezimali kuqondiswe ekwenzeni amasevisi ezenhlalakahle afinyeleleke emphakathini owawungafinyelele kuwo. Lokhu kuzoba ukuqalisa kwenqubo yezinguquko ezoqinisekisa ukuthi ukungalingani kwezimali zikaHulumeni ezinikezwa umphakathi zilingane kuzo zonke izinhlanga.
Akukho mali eyabelwe lomkhakha. Yonke imali yokuthuthukisa isimo okusetshenzwa ngaphansi kwaso ifakwe kwamanye amavoti, nezinye izimali ezizokwabelwa lokhu phakathi nonyaka, zizofakwa kwamanye amavoti.
